Agvazhenin Obschestvoznanie Kontroljnie Zadaniya

Intaba iTeskey Ala-Too Endaweni yangakithi abantu babehlupheka futhi umsebenzi wokuziphilisa owawukhona wawukhandla. Ngesikhathi ngiyinsizwa ngangingazihluphi ngokucabanga ngenjongo yokuphila noma ngekusasa. Ngangingakaze ngicabange ukuthi amaqiniso ajabulisayo ngoJehova uNkulunkulu nangenjongo yakhe angashintsha ukuphila kwami. Indlela umyalezo weBhayibheli owafika ngayo eKyrgyzstan nendlela owasakazeka ngayo kuyindaba ethakazelisayo.

Konke lokhu kwaqala endaweni yangakithi enyakatho yeKyrgyzstan. Iqiniso ngoJehova uNkulunkulu laqala ukuhluma eKyrgyzstan ngawo-1950. Ukuze lihlume, iqiniso kwadingeka linqobe izimfundiso ezazimbelwe ngokujulile ezingqondweni zabantu. Indawo manje eyaziwa ngokuthi yiKyrgyzstan, ngaleso sikhathi yayingaphansi kwe-Union of Soviet Socialist Republics (USSR). Kulo lonke elase-USSR, oFakazi BakaJehova babengathathi hlangothi kwezombusazwe.

3 Each Party undertakes: a to allow the Convention Committee provided for in Chapter VI to evaluate the effectiveness of the measures it has taken in its law to give effect to the provisions of this Convention; and b to contribute actively to this evaluation process. Article 5 – Legitimacy of data processing and quality of data (1) 1 Data processing shall be proportionate in relation to the. According to the law of the Republic of Abkhazia 'On the procedure of leaving the Republic of Abkhazia and entry into the Republic of Abkhazia' from April 1, 2016, the visa regime is introduced for citizens of foreign countries with which Abkhazia has not signed intergovernmental agreements on. Das neue deutschmobil 3 arbeitsbuch otveti 0.

() Ngenxa yalokho babeshushiswa njengezitha zombuso wobuKhomanisi. Kodwa ayikho imfundiso engavimba iZwi likaNkulunkulu ukuba lifinyelele izinhliziyo zabantu abaqotho. Ngempela, esinye sezifundo ezibaluleke kakhulu engiye ngazifunda kukho konke ukuphila kwami ngihamba noJehova ukuthi, “zonke izinto zingenzeka.”—.

U-Emil Yantzen Ukushushiswa koFakazi BakaJehova kwabangela ukuba bande eKyrgyzstan. Kwabangelwa yini lokho?

Isifundazwe saseSiberia, okwakudingiselwe kuso izitha zombuso, sasiyingxenye ye-USSR. Lapho labo abadingisiwe bekhululwa, abaningi kubo beza eKyrgyzstan futhi abanye kubo beza neqiniso.

Omunye owayedingisiwe kwakungu-Emil Yantzen owazalwa ngo-1919 eKyrgyzstan. U-Emil wathunyelwa ekamu lokuhlushwa futhi wahlangana noFakazi lapho. Walamukela iqiniso wabe esephindela ekhaya ngo-1956. U-Emil wafike wazinza ngaseSokuluk, esifundeni sangakithi. Ibandla lokuqala laseKyrgyzstan lamiswa eSokuluk ngo-1958. U-Elizabeth Fot; U-Aksamai Sultanalieva U-Elizabeth Fot, incekukazi kaJehova ethembekile, naye wayehlala eKant.

Wayeziphilisa ngokuthunga. Ngenxa yokuthi wayewenza kahle umsebenzi wakhe, odokotela nothisha babemcela ukuba abathungele izimpahla.

Omunye wabantu ayebathungela kwakungowesifazane ogama lakhe lingu-Aksamai Sultanalieva owayeshade nesikhulu esisebenza ehhovisi lomshushisi womphakathi. U-Aksamai weza ku-Elizabeth ezofuna izimpahla, wabe esebuza imibuzo eminingi ngenjongo yokuphila nesimo sabafile. U-Elizabeth wamphendula esebenzisa iBhayibheli.

U-Aksamai waba ummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle. UNikolai Chimpoesh Cishe ngaleso sikhathi, uNikolai Chimpoesh odabuka eMoldova wamiswa njengombonisi wesigodi futhi wakhonza iminyaka engaba ngu-30. UNikolai akagcinanga nje ngokuvakashela amabandla, kodwa wahlela nokunyatheliswa nokusakazwa kwezincwadi zethu. Izikhulu zikahulumeni zakubona lokho. Yingakho u-Eduard Varter akhuthaza uNikolai ngalesi seluleko, wathi: “Lapho iziphathimandla zikuphonsa ngemibuzo, zitshele ngokukhululekile ukuthi sizithola endlunkulu eseBrooklyn izincwadi zethu.

Vele uyibheke ezinhlanvwini zamehlo inhloli ye-KGB. Akudingeki wesabe.”—. Ngokushesha ngemva kwale ngxoxo, uNikolai wabizelwa endlunkulu ye-KGB eseKant.

Walandisa okwenzeka, wathi: “Inhloli yabuza ukuthi sizithola kuphi izincwadi zethu. Ngayitshela ukuthi sizithola eBrooklyn. Ayazanga ukuthi ithini ngemva kwalokho.

Yavele yangidedela futhi ayibange isangibiza.” OFakazi abanesibindi baqhubeka besakaza izindaba ezinhle ngokuqapha endaweni yangakithi enyakatho yeKyrgyzstan. Lapho iqiniso eliyigugu ngoJehova ekugcineni lifika emndenini wami ngawo-1980, umuntu owalizwa kuqala umkami, uMairambubu.

Agvazhenin Obschestvoznanie Kontroljnie Zadaniya

U-Apun Mambetsadykova NgoJanuwari 1981 ngesikhathi uMairambubu esebhasini eliya emakethe, wezwa ingxoxo esikhulume ngayo ekuqaleni. Umkami wayefuna ukwazi okwengeziwe, ngakho wabuza igama lalona wesifazane nekheli lakhe. Wathi igama lakhe u-Apun, kodwa wayeqaphile ngoba ngisho nangawo-1980 umsebenzi woFakazi wawuvinjiwe. Kunokuba u-Apun anike umkami ikheli lakhe, wambuza ukuthi thina sihlala kuphi. Umkami wafika ekhaya ejabule. UMairambubu wathi, “Ngizwe izindaba ezimnandi.